Skip Navigation

National Geographic Society Este programa se distribuye en los Estados Unidos y Canadá por National Geographic y EHD. [obtenga más información]

DVD ilustrado plurilingüe

La biología del desarrollo prenatal




UKUFUNDA NGOKWENZEKAYO NGAPHAMBI KOKUZALA

.isiZulu [Zulu]


 

Descargar versión en formato PDF  ¿Qué es PDF?
 

Desarrollo embrionario: 4 a 6 semanas

Capítulo 11   4 semanas: líquido amniótico

Kumaviki awu 4 i-amnion ecacile izungeza umbungu esakeni eligcwele uketshezi. Lo luketshezi olungenamagciwane, okuthiwa yi-amniotic fluid, luvikela umbungu ekulimaleni.

Capítulo 12   El corazón en acción

Inhliziyo ishaya izikhathi eziwu 113 ngomzuzu.

Qaphela indlela inhliziyo eguqula ngayo umbala uma igazi lingena noma liphuma emagumbini ayo uma ishaya.

Inhliziyo izoshaya cishe izikhathi eziwu 54 million ngaphambi kokuzalwa nangaphezu kuka 3.2 billion esikhathini esiyiminyaka yempilo engu 80.

Capítulo 13   Crecimiento del cerebro

Ukukhula ngamandla kobuchopho kuvezwa wukushintsha kokubukeka kobuchopho obuphambili, ubuchopho obuphakathi, nobuchopho obungemuva.

Capítulo 14   Esbozos de las extremidades y piel

Kuqala ukukhula kwezingalo nemilenze ngokuvela kwamahlumela emavikini awu 4.

Kule nkathi isikhumba sikhanya ngale ngoba siwugqinsi ngeseli kuphela.

Uma lwanda ugqinsi lwesikhumba, ngeke sisabonakala ngale, okushukuthi sizokwazi ukubona izitho zangaphakathi zikhula cishe enye inyanga.

Capítulo 15   5 semanas: hemisferios cerebrales

Phakathi kuka 4 no 5 amaviki, ubuchopho buyaqhubeka nokukhula ngamandla bese buhlukaniseka izingxenye eziwu 5 ezicacile.

Ikhanda licishe libe wu 1/3 wabo bonke ubukhulu bombungu.

Kuvela ama- cerebral hemisheres, agcine eseyizingxenye ezinkulu kunazozonke zobuchopho.

Imisebenzi egcina isilawulwa ngama-cerebral hemispheres ibala ukucabanga, ukufunda, inkumbulo, ukukhuluma, ukubona, ukuzwa, ukunyakaza kokuzithandela, nokuxazulula izinkinga.

Capítulo 16   Vías respiratorias principales

Emgudwini wokuphefumula, kukhona awesokudla nawesobunxele asemqoka ama-stem bronchi kanti azogcina exhume uqhoqhoqho, namaphaphu.

Capítulo 17   Hígado y riñones

Qaphela isibindi esikhulu esigcwele isisu eceleni kwenhliziyo eshayayo.

Izinso zonomphelo zivela kumaviki awu 5.

Capítulo 18   Saco vitelino y células germinales

Igobosi lesikhupha linamaseli enzalo asekuqaleni okuthiwa ama-germ cells. Kumaviki awu 5 lama germ cells aya ezithweni zenzalo eziseceleni kwezinso.

Capítulo 19   Placas de las manos y cartílago

Futhi kumaviki awu 5, umbungu umila isithebe ezandla, bese uqwanga luqale kumaviki awu 5 1/2.

Lapha sibona isithebe lesandla sobunxele nesihlakala kumaviki awu 5 nezinsuku eziwu 6.