Skip Navigation

National Geographic Society Este programa se distribuye en los Estados Unidos y Canadá por National Geographic y EHD. [obtenga más información]

DVD ilustrado plurilingüe

La biología del desarrollo prenatal




UKUFUNDA NGOKWENZEKAYO NGAPHAMBI KOKUZALA

.isiZulu [Zulu]


 

Descargar versión en formato PDF  ¿Qué es PDF?
 

El embrión de 8 semanas

Capítulo 30   8 semanas: desarrollo del cerebro

Kumaviki angu 8 ubuchopho sebukhule kakhulu futhi bucishe bube yineye wesisindo somzimba wombungu.

Ukukhula kuqhubeka ngesivinini esingajwayelekile.

Capítulo 31   Cualidad de diestro y zurdo

Kumaviki awu 8, u 75% wemibungu ukhombisa ukukhonya kwesandla sokudla. Esele ihlukaniseke ngokulinganayo phakathi kwamanxele nonxazonke. Lobu wubufakazi bokuqala bokujwayela esokudla noma sobunxele.

Capítulo 32   Voltearse

Amabhuku ngezingane achaza ukuthi ikhono "lokuphenduka" livela kumaviki awu 10 kuyaku 20 emva kokuzalwa. Nokho, le likhono elihlaba umxhwele liyashesha ukuvezwa esimweni esingenangcindezi se-amniotic sac egcwele uketshezi. Kuphela wukuntuleka kwamandla adingekayo ukunqoba amandla angaphezulu engcindezi ngaphandle kwesibeletho kunqanda ingane ezelwe ekuphendukeni.

Umbungu uya ngokuba matasa ngale sikhathi.

Iminyakazo inganensa noma isheshe, kanye noma iphindaphinde, izenzekele noma iphendule okunye.

Ukujikisa ikhanda, ukwelula umqala, nesandla esithinta ubuso kuya ngokwanda.

Ukuthinta umbungu kudala ukuyaluzisa amehlo, ukunyakaza komhlathi, iminyakazo yokubamba, nokukhomba kwezinzwane.

Capítulo 33   Fusión de los párpados

Phakathi kwamaviki 7 no 8, amajwabu amehlo akhula ngokushesha ngaphezu kwamehlo futhi aya ngokuhlangana.

Capítulo 34   Movimiento respiratorio y micción

Yize noma awukho umoya esibelethweni, umbungu uveza iminyakazo yokuphefumula kumaviki awu 8.

Ngale sikhathi, izinso zikhiqiza umchamo ochithwa kwi- amniotic fluid.

Kwimibungu yesilisa, amasende akhulayo aqala ukukhiqiza nokukhipha i-testosterone.

Capítulo 35   8 a 9 meses (32 a 36 semanas): formación de alvéolos, agarre firme, preferencias de sabor

Amathambo, amalunga, imisipha, imizwa, nemithambo yegazi yezingalo nemilenze kucishe kufane nokwabadala.

Kumaviki awu 8 isikhumba sangaphandle, siba nezingqimba eziningi, silahlekelwe wukubonakala ngale.

Kumila amashiya ngenkathi kuvela uboya ngaphandle komlomo.

Capítulo 36   Resumen de las primeras 8 semanas

Amaviki awu 8 asho ukuphela kwesikhathi sombungu.

Ngale sikhathi, umbungu womuntu usukhule usuka kwiseli eyodwa waba cishe ngu 1 billion amaseli akha ngaphezu kuka 4,000 izakhiwo ezicacile zomzimba.

Umbungu manje usunezingaphezu kuka 90% izakhiwo ezitholakala kwabadala.